Big Zulu
Ichwane Lenyoka
[Intro]
Anginabazali
Ashu

[Pre-Chorus]
Mina ngi'chwane lenyoka
Ashu
Anginabazali ngi'ntandane
Mina ngi'nkabi edla yodwa
Anginabazali ngi'ntandane
Anginabani ngi'ntandane

[Chorus]
Ngangino Ma nobaba
Ngikhumbul' uMa nobaba
Ngangino Ma nobaba
Yey ngikhumbul' uMa no baba mina
Mina ngi'chwane lenyoka
Ngangino Ma nobaba
Ngikhumbul' uMa nobaba
Shun Wenkabi

[Verse 1]
Mina ekukhuleni kwami ngakhula ngingenabazali
Uthando lamama nolababa mina angilazi
Imfudumalo yekhaya, eyentokozo ungayiphathi
Yikho ngilichwane lenyoka, ngafunda ukuphanta ngisemncane
Ay ngoba ngangithanda kodwa nje ngangiphoqwa yisimo
Mangithi ngiyacela kuthiw' ukuphi owakh' uyihlo
Ngangiy'ngane ngimncane, ngashesha ngafund' impilo
Ngangingafun' okukhulu, ngangingasuthiswa ukudla ucilo
Baba kwasekuphoq' ukuthi ngiphushe uShun Wenkabi
Ukuze ngival' indlala, ngilale ngidlile kwakuyinkani
Ngiyikhotha amanxeba, umlomo uhlal' ugcwele igazi
Engekho engiyokhala kuye, izinyembezi zami ziwela phansi
[Pre-Chorus]
Mina ngi'chwane lenyoka
Ashu
Anginabazali ngi'ntandane
Mina ngi'nkabi edla yodwa
Anginabazali ngi'ntandane
Anginabani ngi'ntandane

[Chorus]
Ngangino Ma nobaba (Ngangi noma nobaba mina)
Ngikhumbul' uMa nobaba (Ngikhumbul' uMa nobaba mina)
Ngangino Ma nobaba (Ngikhumbul' uMa nobaba)
Yey ngikhumbul' uMa nobaba mina (Ngikhumbul' uMa nobaba)
Mina ngi'chwane lenyoka
Ngangino Ma nobaba (Ngikhumbul' uMa nobaba)
Ngikhumbul' uMa nobaba (Ngikhumbul' uMa nobaba mina)
Shuni Wenkabi


[Verse 2]
Ngyasizw' isisho sithi isondo liyajikajika
Haw, kodwa eyami impilo ilokhu iyaziphinda phinda
Ay yebo ukwenza akufani kukhona ukphila ngomshikashika
Sengiyiscefe emphakathini sengaba yinkiyankiya
Umahlek' ebulawa unogwaja odla nezinja
Abanye iynkinga aypheli, abanye ziphela kubhiya
Amazi aphuzwa phansi, iy'nyoni noma zingandiza
Ushuni wenkabi hamba nami kodwa ozondayo angajika
Baba bengifisa ukuthandaza, bengfisa ukuphaphatha
Kodwa ekukhuleni kwami into engiyaziyo ukub'nxanxatha
Lento iyangkhathaza, ayihluki nokuthakatha
Idla nazo ziyhlaba inkabi udoti iyawuphalaza
Akekho owangifundisa, akekho owangikhulisa
Konke kwakulele kimi, mina akekho owangifikisa
Akekho owangibusisa, mang'khala akekho owangithulisa
Ngathwal' igeja ngimncane mina akekho owangshubisa
[Pre-Chorus]
Mina ngi'chwane lenyoka
Ashu
Anginabazali ngi'ntandane
Mina ngi'nkabi edla yodwa
Anginabazali ngi'ntandane
Anginabani ngi'ntandane

[Chorus]
Ngangino Ma nobaba (Ngangi noma nobaba mina)
Ngikhumbul' uMa nobaba (Ngikhumbul' uMa nobaba mina)
Ngangino Ma nobaba (Ngikhumbul' uMa nobaba)
Yey ngikhumbul' uMa nobaba mina (Ngikhumbul' uMa nobaba)
Mina ngi'chwane lenyoka
Ngangino Ma nobaba (Ngikhumbul' uMa nobaba)
Ngikhumbul' uMa nobaba (Ngikhumbul' uMa nobaba mina)
Shuni Wenkabi

[Outro]
Nkabi nation bayayizonda ababhemu wo
Ngangino Ma nobaba
Ngimkhumbul' uMa nobaba
Nkabi nation bayayizonda ababhemu wo
Ngangino Ma nobaba
Ngimkhumbul' uMa nobaba