Big Zulu
Inhlupheko
[Verse 1: Big Zulu]
Sawubona mtanami
Ngithemba ukuthi uyaphila
Ngokwegama ngudoris
Ngiyabonga usuze wafika
Mzukulu, leth' amanzi
Ukutheng' icold-drink ngyafisa
Kodwa ikati lilele ezikho
Sibong' umphefumulo masiphila
Mtanami angixolise, ukuk'moshela isikhathi
Okungezeka ukuthi umatasa
Kodwa ngeke ngithath' isikathi
Mzukulu, awleth' icansi
Umalume ake ahlale phansi
Angazi ng'zoqalaphi
Kodwa ng'celi ukuqala phansi
Mangithi ngiyabheka, umama ugcwele usizi
Kodwa imbokodo yokuqina le iyibambe ishisa insimbi
Mzukulu uyahlakula kukhal' igeja ugcwel' insimu
Sesizwa ileya nkomo ukuthi silale sidlile ubisi
Mtanami angikusho lokhu
Mina ngazalelwa ukuhlupheka
Ngiyinhlekisa emphakhathini nginana impuphu noshugela
Abanye bathi ngiyathakatha
Ngithule bengisukela
Angiyazi injabulo
Kodwa eZulwini ngiyokhululeka
[Chorus: Mduduzi Ncube]
Kuyoze kube nini, isimo singashintshi?
Inhlupheko, ngikhala eb'suku ne mini
Ngothemba kuwe wedwa, mdali wami
We-Jesu nguwe ithemba lami
Yebo, kunzima, nethemba lingiphelele
Lobubuhlungu nesimo ngisamukele
Imizamo yami iyophela kuwe
Ngizophumula xa ndifika kuwe

[Verse 2: Big Zulu]
Intokozo, mina eyami inzima
Njegoba ubona amathuna
Bonke la ekhaya bangishiya
Lomtwana osemhlane yena ubabakhe wamphika
Kusele mina nomzukulu
Masihamba kuyosala inxiwa
Ngyazi isisho sithi "Alikho ithuna lendlala"
Lomtwana engimtetile, unina wamshiya ekhala
Lona omdala uhlale ebuza "Ukuphi umama?"
Wahamba eyofuna itoho
Akaphindanga wabuya ekhaya
Mtanami, kunzima kunokuphela iviki ng'ngadlile
Ngikhalela uMzukulu abuye eskoleni elambile
Kodwa usebenza kanzima
Ukuba nekusasa eliqhakazile
Ukuthi uphume enhluphekweni
Kodwa ezifundweni udlal' ephasile
Eqinisweni, mtanami mina ngyafisa ubaba angithathe
Kodwa abazukulu mina ngeke ngibalahle
Uyazi isifiso sami ukuthi bafunde baphase
Nali ithawula, mtanami
Beng'ngaqondile ukuthi ukhale
[Chorus: Mduduzi Ncube]
Koze kube nini, isimo singashintshi?
Inhlupheko, ngikhala eb'suku nemini
Ngothemba kuwe wedwa, mdali wami
We-Jesu nguwe ithemba lami
Yebo, kunzima, nethemba lingiphelele
Lobubuhlungu nesimo ngisamukele
Imizamo yami iyophela kuwe
Ngizophumula xa ndifika kuwe

[Verse 3: Big Zulu]
Liyaphuma, liyashona
Kimi akunamehluko
Yebo, ekukhuleni kwami nami
Ngakhula ngina amaphupho
Ngyathula nje, ngilalele enkozweni besho amahubo
Isiqalekiso sami ubaba wabamba elentulo
Kwakhala nyonini layikhaya basiqalekisa
Amathuna anele ebaleni kushoda elami ngivalelise
Beng'ngaqondile ukudabukisa
Ngyaxolisa mtanami, akuyona inhloso nje ukubalisa
Namhlanje mtanami, asazi siyolala sidleni
Into enokungisiza ukuyothengisa erenkeni
Ngizivulele itafula ngiqokelele osheleni
Kokunye nginokulala khona
Ngivuke ngithengise ekuseni
Kunzima mtanami, sidla imbuya ngothi
Angilazi icala lami, emhlabeni ngiyisoni
Kodwa sengivumile, injabulo angiyitholi
Angikukhulule mtanami uhambe ilang' lingashoni
[Chorus: Mduduzi Ncube]
Koze kube nini, isimo singashintshi?
Inhlupheko, ngikhala eb'suku nemini
Ngothemba kuwe wedwa, mdali wami
We-Jesu nguwe ithemba lami
Yebo, kunzima, nethemba lingiphelele
Lobubuhlungu nesimo ngisamukele
Imizamo yami iyophela kuwe
Ngizophumula xa ndifika kuwe