Sjava
Masiyeke
[Chorus: Sjava]
Ngab' ungithanda ngoba ungithanda ngokweqiniso
Noma mhlambe uyangizwela
Makunjalo ngcono siyeke
Ngoba angifuni kube ngathi ungenzel' ifavour
Ngab' ungithanda ngoba ungithanda ngokweqiniso
Noma mhlambe uyangizwela
Makunjalo ngcono siyeke
Ngoba ang'funi kube ngathi ungenzel' ifavour
Uyang' ncikisela, uyang' balisela
Uyang' ncikisela, uyang' ncikisela
Uyang' balisela, uyang' ncikisela

[Verse 1: Nue_Sam]
Amehlo ami awafuni ukuyeka ukukhala
Umqondo uyabona kepha inhliziyo iqiniso iyalesaba
Ubambo ngolwakho amamvemvane aseyazenzela lana
Im'qamelo ikhathele yizinyembezi
Umphefumulo sewufis' ukungishiya
Kubo bonke angithi nawe usuyangijikela
Imizwa yami usuyahluleka ukuyivukela
Amaphupho ethu asephunduki izinganekwane
Sekunokusukasukela unokungisukela
Impela angeke sizwane mawuyiqhuba ngalendlela
Ngeke kulunge
Nalendaba angeke iphele kahle
Ngitshele uzizwa kanjani izenzo zakho azisenzi kahle
[Chorus: Sjava]
Ngab' ungithanda ngoba ungithanda ngokweqiniso
Noma mhlambe uyangizwela
Makunjalo ngcono siyeke
Ngoba angifuni kube ngathi ungenzel' ifavour
Uyang' ncikisela, uyang' balisela
Uyang' ncikisela, uyang' ncikisela
Uyang' balisela, uyang' ncikisela

[Verse 2: Nue_Sam]
Amandla nginawo awokukunakekela
Im'phumela anginakuyisaba
Kepha asina kuyefana
Wena njalo izinto uma sezilunga
Lento uyayilahla uyangimangaza
Mina njenge s'dom sothando ngiyabambelela
Okwenjoyiyo inhliziyo yami uyayisasazela
Uyangibambezela
Baningi uthando lwami bangalufela
Wena ngamathe uyalifela
Ung'xolele nazi nezinyembezi sezikuthela
Ang'kaze ngicabange ukuthi izinto ziyoba nje impela
Uwena lo osung'bukisa okwash' ugama ongena shukela
Kahle kahle wawungithanda ngokweqiniso noma
Wawudlala nje ungisukela
[Chorus: Sjava]
Ngab' ungithanda ngoba ungithanda ngokweqiniso
Noma mhlambe uyangizwela
Makunjalo ngcono siyeke
Ngoba angifuni kube ngathi ungenzel' ifavour
Uyang' ncikisela, uyang' balisela
Uyang' ncikisela, uyang' ncikisela
Uyang' balisela, uyang' ncikisela